Click here for English version
Ososayensi abahamba phambili base-UKZN nabayizingwazi ezihlonishwayo emhlabeni wonke emkhakheni yamakhemistri yamakhambi, oSolwazi Fernando Albericio no-Beatriz Garcia De la Torre baklonyeliswe ngama-$25,000 yi-American Chemical Society (i-ACS) Green Chemistry Institute Pharmaceutical Roundtable (i-GCIPR) ngokuthuthukisa ucwaningo ngamakhemikhali angacekeli phansi imvelo.
Kwabayisithupha abaklonyelisiwe kunezikhungo ezine zaseMelika, esisodwa sase-France nethimba lika-Albericio no-De la Torre lase-UKZN. U-De la Torre wazise abaphathi abakhulu benyuvesi lezi zindaba ngokwesasa. ‘Imiklomelo ihlale imqoka kodwa lona siziqhenya kakhulu ngawo ngoba wukuhlonishwa komsebenzi owenziwa e-UKZN kulandelwa indlela i-Greening the Solid-Phase Synthesis of Peptides.’
Labososayensi, akade bese-Barcelona e-Spain, bafika e-UKZN ngowezi-2016. ‘Lona kwaba ngeminye yemisebenzi yethu yokuqala ngesikhathi sifika e-UKZN kanti singasho ukuthi igumbi lethu lokuhlola izinto lapha yilona umhlaba wonke obukela kulona. Empeleni, sakwazi ukuqamba isifinyezo esithi GSPPS esimele ukuthi Green Solid-Phase Peptide Synthesis,’ kusho uDe la Torre.
U-Albericio no-De la Torre badle umhlanganiso ngephepha lwabo locwaningo elithi ‘Baroc, a Green a-Amino Protecting Group for Solid-Phase Peptide Synthesis.’ Kuze kube manje umsebenzi wabo kwi-GSPPS usuzale izincwadi ezingama-13 ngalo mkhakha kanti zisendleleni maduze ezinye.
Abaphathi abakhulu base-UKZN bathakasile ngalezi zindaba. USolwazi Busisiwe Ncama, iPhini LeSekelashansela neNhloko yeKolishi Lezifundo zezeMpilo, uthe: ‘Sihalalisela osolwazi nethimba labo. Siyaziqhayisa ngomsebenzi wabo. Sengathi ningakhula nidlondlobale.’
IDini eyiNhloko yeSikole SezeKhemistri neFiziksi, uSolwazi Ross Robinson, ithe: ‘Yizindaba ezimnandi lezi.’
Ngokwe-ACS GCIPR, isidingo samakhemikhali angacekile phansi imvelo emkhakheni wokukhiqizwa kwamakhemikhali amakhambi okwelapha neminye imikhakha yezemakhemikhali siba mqoka kakhulu ngenxa yezinselelo zesikhathi esiphila kusona. I-Roundtable ihlose ukokhela usizo lwezimali lwamasu nezindlela ezintsha zokwenza izinto ezingaletha izixazululo zezinkinga zamakhemikhali nobunjiniyela okuthinta umkhakha wezamakhambi okwelapha kusukela ekutholakaleni kwawo kuye kufinyelele ekukhiqizweni kwawo.
Amagama: ngu-MaryAnn Francis